Isixwayiso Esinzimza SikaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

Umyalezo Osuka KuHazrat Sa’d (radhiyallahu anhu) Obhekise KumaMuslim.

Ngenkathi Kuyimpi yaseUhud uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wabuza, “Ukephi uSa’d bin Rabee? anginalo ulwazi ngesimo sakhe”. Emuvakwalokho omunye wamaSahabaah wathunywa ukuthi akayomcinga.
Wahamba wayomfuna lakade kulele khona abafileyo waqala wamemeza igama likaHazrat Sa’d (radhiyallahu anhu) ukuze abone ukuthi uyaphila yini. Kwenye indawo esenza ismemezelo sokuthi uthunyiwe uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi akayocinga uSa’d bin Rabee), wezwa ngezwi eliphansi eliphuma kwelinye icala wathi uyabheka, wamfica uSa’d (radhiyallahu anhu) elele phakathi kwabafile, esezophefumula okukugcina.
Ngokuphefumula kwakhe okukugcina uSa’d (radhiyallahu anhu) wazwakala ethi, “Dlulisela iSalaam yami kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) nalomyalezo olandelayo, ‘O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam)! engathi uAllah angakubusisa ngesibusiso esikhulu angakaze abusise ngaso omunye wabaprofethi.”‘
 Wase ethi kulo obethunyiwe ukuthi akayomfuna, “Azisa abafowethu bamaMuslim ukuthi ayikho into ezobasusa ukusolwa uma izitha ziphumelela zafikela kumprofethi (sallallahu alayhi wasallam) futhi zimbulale ngaphambili kokuthi bafe bonke.” Ngokusho lamazwi waphefumula okukugcina wase eyahamba emhlabeni.
AmaSahaabah aveza ukuzinikela okuyiqiniso kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam).Noma engabe bahlangana nobunzima okunjani kwaze kwafikela emphefumuleni wokugcina. Abakaze bakhalaze noma bafise nomayini ngaphandle kokuphila nokuphepha kaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam).
Engathi uAllah angasinika noma uthando oluncane lolu amaSahaabah ayekade enika uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …