Izingelosi Zidlulisela IDurood KuRasullulah (sallallahu alayhi wasallam)

عن ابن عباس قال: ليس أحد من أمة محمد يصلي على محمد أو يسلم عليه إلا بلغه يصلي عليك فلان ويسلم عليك فلان (مسند إسحاق بن راهويه، الرقم: 911، رجاله ثقات إلا أبا يحيى القتات، ففيه ضعف.)

UHazrat Ibnu Abbaas (radhiyallahu anhu) wake washo lokhu okulandelayo, “Akekho umuntu wesizwe sikaRasulullah othumela imikhonzo kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam) ngaphandle kokuthi leyomkhonzo idluliselwa (Izingelosi) kuye, futhi kuthiwa kuyena, ‘Usbanibani uthumele iSalaat kuwe, futhi nosbanibani uthumela iSalaam kuwe.”‘
UHazrat Abubakr Wazimisela Ngokunikela Yonke Into Ngenxa KaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam)
Ngenkathi kuyimpi yaseBadr, indodana kaAbu Bakr (radhiyallahu anhu), uHazrat Abdur Rahmaan (radhiyallahu anhuma) wayelwa ecaleni labangakholwa ngoba waye ngaka yamukeli inkolo yeIslam.
Kwathi sekudlule isikhathi eseyamukelile iIslam, ehleli nobaba wakhe, uHazrat Abu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu), wathi kuye, ” O baba wami engimthandayo, ngenkathi kuyimpi yaseBadr, bekudlula iskhathi usondela eduze kwami ngiphethe inkemba yami, kodwa ngenxa yokuthi uwubaba wami ngaku yeka.”
UHazrat Abu Bakr (radhiyallahu anhu) waphendula ngokuphazima kweso, wathi, “Uma wena wasondela eduze kwami ngiphethe inkemba yami, ngangi ngeke ngikuyeke ngoba wawulwa nomprofethi kaAlkah (sallallahu alayhi wasallam).” (Taareekhul Khulafa 1/33)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …