Ukuphendula IAzaan

IAzaan ibalwa ezimpawini ezibalulekile kwiIslam. Uma iAzaan ibalulekile kakhulu kanje kwiIslam, kumele siyikhombise inhlonipho ngokuwaphinda amagama eAzaan futhi singazibandakanyi ngezinkulumo zomhlaba ngalesosikhathi. Ezomthetho zibhalile ukuthi akulungile ukuzibandakanya ngezinkulumo zomhlaba ngesikhathi seAzaan.
1. Uma uzwa iAzaan, phendula iAzaan ngokuphinda amagama ashiwo UMuazzin. Ngokwesibonelo, uma uzwa uMuazzin ethi الله اكبر الله اكبر (Allahu akbar, Allahu Akbar), kumele nawe uthi الله اكبر الله اكبر (Allahu Akbar, Allahu akbar).

عن عمر رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم إذا قال المؤذن الله أكبر الله أكبر فقال أحدكم الله أكبر الله أكبر … ثم قال لا إله إلا الله قال لا إله إلا الله من قلبه دخل الجنة (صحيح مسلم، الرقم: 385)

UHazrat Umar (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma uMuazzin ethi الله اكبر، الله اكبر (Allahu Akbar, Allahu Akbar) bese khona ophendulayo phakathi kwenu athi الله اكبر، الله اكبر (Allahu akbar, Allahu Akbar)(futhi aqhubeke nokuphendula amagama asele eAzaan lawa ashiwo uMuazzin) ngenhloso elungile nobuqotho, uzongena eJannah.”

About admin

Check Also

Indlela EyiSunnah Yokusho IIkaamah

1. Yisho iIkaamah ngeHadr (ngokusho amagama ngendlela esheshayo). عن جابر رضي الله عنه أن رسول …