IImaan YamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Iwuphawu Lokubonisa Impumelelo

Uthando LaHazrat Ali (radhiyallahu anhum) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

Ngobusuku la uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waye kade eqala uhambo lakhe oluya eMadinah, abangakholwa babe kade bezungeze indlu yakhe ngenhloso yokumbulala.
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) walayeza uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) ukuthi achithe ubusuku bakhe endlini yakhe ukuze abangakholwa bezocabanga ukuthi ukhona ngaphkathi bangaboni ukuthi sehambile.
URasullulah wamazisa uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) ukuthi uAllah uzomvikela kulaba abangakholwa.
Ngalesosikhathi noma waye kade ezobhekana nobungozi obukhulu uHazrat Ali (radhiyallahu anhu) walalela umyalezo kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam) wenza ngendlela ekade eyalelwe ngayo.
Ngalendlela uHazrat Ali (radhiyallahu anhu ) waye kade ezimisele ngokunikela impilo yakhe ngenxa yaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuze avikele impilo kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).
Mayelana nalokhu, uHazrat Ali waye kade ejwayele ukusho lamazwi enkondlo elandelayo:

وقيت بنفسي خير من وطئ الثرى ومن طاف بالبيت العتيق وبالحجر

رسول إلٰه خاف أن يمكروا به فنجاه ذو الطول الإلٰه من المكر

وبات رسول الله في الغار آمنا موقى وفي حفظ الإلٰه وفي ستر

وبتّ أراعيهم وما يتهمونني وقد وطنت نفسي على القتل والأسر

 Nganikela ngempilo yami ukuze ngivikele umuntu oncono kunawonke umuntu owake wabeka unyawo lakhe la emhlabeni nomuntu oncono kakhulu owake wenza iTawaaf yeKa’bah neHajre Aswad.
(akhekho omunye omuntu ngaphandle kwa) Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) owesaba inhloso yezitha zakhe kuye. Kepha-ke uAllah uye umthombo womusa, wamvikela kulenhloso yezitha zakhe.
Isithunywa sikaAllah sachitha ubusuku emgedeni evikelekile. Ejabuliswa ukuvikelwa uAllah.
Ngachitha iskhathi ebusuku ngibuka abangakholwa bengalindele ukuthi umuntu owayekade ezophuma endlini yimi. Ngangizimisele ngokuthi ngizobulawa noma ngizoboshwa.

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …