Ukudumiswa KwamaSahaabah (radhiyallahu anhum) KwiKuraan Majeed

Ukukhathazeka Kowesifazane Owaseqenjini LeAnsaar NgoRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)

Ngenkathi kuyimpi yaseUhud, amaMuslim alahlekelwa okuningi futhi isbalo sabantu esikhulu esabulawa. Ngenkathi loludaba lokushona kwabantu abaningi lufika eMadinah, abesifazane baphuma ezindlini zabo befuna ukwazi ngesehlakalo esenzekile empini.
Ngokubona isxuku sabantu esikhulu sihlanganele endaweni eyodwa, oyedwa owesifazane waseqenjini leAnsaar, wabuza wathi, “Unjani umprofethi Muhammad (sallallahu alayhi wasallam)?”. Ngenkathi etshelwa ngokubulawa kwababawakhe empini wathi, “Inna lillahi wa inna ilaihi raaji’oon’ wase ebuza ngamawala umbuzo ofanayo ngoRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).
Ngalesosikhathi wase etshelwa ngokufa kwendoda yakhe, ubhuthi wakhe nendodana yakhe. Ngokukhathazeka okukhulu futhi wase ebuza umbuzo ofanayo ngesimo sikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).
Wase etshel ukuthi uphephile. Kodwa lokho akumanelisanga wagcizelela ukuthi yena ufuna ukumbona ngokwakhe. Ekugcineni ngenkathi anelisa amehlo akhe ngokumbona, wathi :

كل مصيبة بعدك جلل

“O Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam), ngesibusiso sokubona wena konke ukukhathazeka nokuhlupheka kubalula.”

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …