Umuntu Othandekile Kakhulu KuRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

Umuntu Wakulesizwe Oyongena Kuqala EJannah

KuyiHadeeth engcwele uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wachaza ukuthi isizwe sakhe siyongena kuqala eJannah ngaphambili kwezinye izizwe futhi phakathi kwesizwe sakhe uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) umuntu owokuqala oyongena eJannah.
URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “UHadrat Jibraeel (alayhisallaam) weza kimi wangithatha ngesandla wase engikhombisa isicabha ekuyongena kuso isizwe sami.”
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) waphendula wathi, “O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), ngifisa engathi kade nginawe (ngenkathi UHadrat Jibraeel (alayhisallaam) ekukhombisa lesosicabha) ukuze nami ngisibone.”
UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase ethi, “Mayela nawe, O Abu Bakr, Uwe umuntu oyongena kuqala eJannah esizweni sami.”

About admin

Check Also

iDua KaHadrat Rasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

Injabulo KaHadrat Umar (radiallahu anhu) UHadrat Umar (radiallahu anhu) wake wathi kuHadrat Abbaas (radiallahu anhu) …