Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا مجالسكم بالصلاة علي فإن صلاتكم علي نور لكم يوم القيامة (الفردوس بمأثور الخطاب، الرقم: ٣٣٣٠، وإسناده ضعيف كما في القول البديع صـ 278)

UHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhu) ubika ukuthi Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Hlobisani imihlangano yenu ngokusho iDurood kimi, ngoba iDurood yenu iyoba ukukhanya ngosuku lweKiyaamah.”
UHadrat Bilaal (radiallahu anhu) Esezophefumula Okokugcina
Ngenkathi Hadrat Bilaal (radiallahu anhu) esezohamba emhlabeni, umfazi wakhe wakhala wathi,” Ah! Kwaze kwabuhlungu usuyahamba la emhlabeni.”
UHadrat Bilaal (radiallahu anhu) waphendula wathi,” kwaze kwamnandi futhi kuyangijabulisa ukuthi kusasa sizobona abangane bethu, sizobona uMuhammed (sallallahu alaihi wasallam) nabalandeli bakhe.” (Siyar Aalaamin Nubala 3/218)

About admin

Check Also

Iphunga Elimnandi Ngenxa Yokusho IDurood Eningi

Umkhwenyana wakwaMoulana Fayzul Hasan Sahaaranpuri (rahmatullah alayhi) wake wathi KuHadrat shaykhul Hadeeth uMoulana Muhammad Zakariya …