Ubuhle BeMasjid – 1

 1. AmaMasjid amenyezelwe ukuba yizindawo ezithandekile kakhulu kuAllah.

عن أبي هريرة أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال أحب البلاد إلى الله مساجدها وأبغض البلاد إلى الله أسواقها (صحيح مسلم، الرقم: 671)

UAbu Hurairah (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Izindawo ezithandekile kakhulu kuAllah amaMasjid futhi nezindawo ezingathandekile izindawo zokuthengisa.”
  2. Uma umuntu owakha iMasjid ukuze uAllah ajabule, uAllah uyomakhela indlu yobukhosi eJannah.

عن عبيد الله الخولاني يذكر أنه سمع عثمان بن عفان عند قول الناس فيه حين بنى مسجد الرسول صلى الله عليه وسلم إنكم قد أكثرتم وإني سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول من بنى مسجدا لله تعالى قال بكير حسبت أنه قال يبتغي به وجه الله بنى الله له بيتا في الجنة (صحيح مسلم، الرقم: 533) وفي رواية أخرى بني له بيت أوسع منه في الجنة (مسند أحمد، الرقم: 7056)

UUbaidullah Khawlaani (rahmatullah alayhi) ubika ukuthi wezwa uHadrat Uthmaan (radiallahu anhu) ethi, ngenkathi abantu bemphikisa ( elungisa iMasjid kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) esebenzisa amaplangwe abizayo nezitina), “NgempeLa ningiphikisile kaningi ngokwandisa kwami (iMasjid) kepha mina ngezwa uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ethi,”Noma ubani owakhela uAllah iMasjid, efuna injabulo kaAllah, uAllah uzomakhela indlu yobukhosi eJannah.””
Ngokusho kwenye iHadeeth, umuntu owakha iMasjid ngenxa yaAllah uyothola indlu yobukhosi eJannah enkulu futhi evulekile kuneMasjid ayakhile.

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 3

5. Ukuyanjalo eMasjid kuwuphawu lokuba neImaan. عن أبي سعيد رضي الله عنه قال قال رسول …