UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uphakathi Kwabantu Abaneskhundla Esiphakeme EJannah

Inhlonipho KaHadrat Umar KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) kade ehlezi amukela isikhundla esiphezulu sikaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) futhi akaze azibone elingana noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu).
Ngelinye ilanga khona iqembu labantu ladumisa uHadrat Umar (radiallahu anhu) lathi, “Siyafunga ngoAllah asikaze sibone umuntu oqotho, okhuluma iqiniso futhi onzima kumaMunafiqeen (abazenzisi). O Mphathi wamaMuslim emvakwaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) uwe omkhulu kakhulu ngokwesikhundla (kulesizwe).
Ngokuzwa lokhu, uHadrat Auf (radiallahu anhu) waphikisa lento ekade ishiwo abantu wathi, “anikhulumanga iqiniso namhlanje, ngiyafunga ngoAllah ukuthi mina ukhona umuntu engimbonayo omkhulu kakhulu emvakwaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam).
Abantu base bembuza ukuthi kade ekhuluma ngobani. Wase ephendula ethi,” ngiqonde uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) (uye omkhulu kakhulu kulesizwe emvakwaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) nabaprofethi bonke).”
UHadrat Umar (radiallahu anhu) wase ethi, “Ngiyafunga ngoAllah! uHadrat Auf (radiallahu anhu) ukhulume iqiniso futhi nina anikhulumanga iqiniso. UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) kade enuka kamnandi kakhulu kunamakha ngenkathi mina ngisalahlekile futhi ngisaduke ngaphezulu kwekamela yasekhaya.
(UHadrat Umar) kade ekhuluma ngalenkathi engaka yamukeli inkolo yeIslam kepha ngalesosikhathi uHadrat Abu Bakr kade esenayo iImaan futhi sehambe phambili ngeDeen.)”

About admin

Check Also

Abaluleki Ababili BaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uzikhumbuza Ukubuzwa Imibuzo Kwelizayo Noma ngabe uUmar (radiallahu anhu) ubalwe kwabayishumi …