Ukusho IDurood Uma Kuhlanganwa

عن أنس رضي الله عنه عن النبي صلى الله عليه وسلم قال: ما من عبدين متحابين في الله يستقبل أحدهما صاحبه فيصافحه ويصليان على النبي صلى الله عليه وسلم إلا لم يفترقا حتى تغفر ذنوبهما ما تقدم منهما وما تأخر (مسند أبي يعلى الموصلي، الرقم: 2960، وفيه درست بن حمزة وهو ضعيف كما في مجمع الزوائد، الرقم: 17987)

UHadrat Anas bin Maalik (radiallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Uma amaMuslim amabili ethandana (ngenxa kaAllah) ehlangana futhi athumele iDurood kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), ngaphambili kokuthi bahlukane izono zabo abasazozenza nezidlulile (ezincane) zithetheleliwe.”
Ukuhambela IHadeeth Eyodwa
UHadrat Kathir bin Qais (rahmatullah alayhi) ubika uthi :
Ngelinye ilanga kade ngihleli noHadrat Abu Dardaa (radiallahu anhu) eMasjid yaseDamascus, kwafika umuntu kuyena wathi, “O Abu Dardaa (radiallahu anhu), ngihambe yonke indlela ngisuka eMadina Tayyibah ukuze ngizothola iHadeeth eyodwa kuwena, ngoba ngezwa ukuthi wayizwa ngqo isuka kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).”
UHadrat Abu Dardaa (radiallahu anhu) wase ebuza, “Ukhona omunye umsebenzi ozowenza la eDamascus?” Lomuntu waphendula wathi, “Cha, (ngize eDamascus ukuzothola leHadeeth kuphela).” UHadrat Abu Dardaa (radiallahu anhu) wase ephinda ebuza futhi, “Unesqiniseko sokuthi awukho omunye umsebenzi ozowenza la eDamascus?” Lomuntu waphinda waphendula wathi, “Ngize la kulendawo ngesizathu sokuzofunda leHadeeth kuphela.”
UHadrat Abu Dardaa (radiallahu anhu) wase ethi, “lalela, ngezwa uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ethi, ‘UAllah wenza indlela eya ezulwini ibelula kumuntu ohamba ibanga ukuze athole ulwazi (leDeen). Izingelosi zindlala amaphiko azo ngaphansi kwezinyawo zakhe futhi yonke into emazulwini nasemhlabeni (ngisho nezinhlanzi emanzini) zimenzela iDu’a yentethelelo kuAllah. Isikhundla esikhulu nokuphakama komuntu onolwazi leDeen kunomuntu okhonzayo (ngaphandle kolwazi) kufana nesikhundla senyanga ngaphezulu kwezinkanyezi. AmaUlama (abafundisi) bayizindlalifa zikaRasullullah. Ifa lezithunywa akusilona igolide noma amasiliva kunalokho ifa labo ulwazi leDeen. Umuntu othole ulwazi leDeen uthole ngempela uthole umcebo omkhulu. (Sunan Abi Dawood #3641)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Ngaphambili Kokwenza IDua

عن عبد الله بن مسعود قال إذا أراد أحدكم أن يسأل فليبدأ بالمدحة والثناء على …