UUmar (radiallahu anhu) Esabalalisa Iqiniso Ngokusobala

Ukukhathazeka KwaUmar (radiallahu anhu) NgeSalaah

Ngosuku lolu uHadrat Umar (radiallahu anhu) kade egwazwe ngalo, kwafika uHadrat Miswaar bin Makhramah (radiallahu anhu) ezombona. Ngenkathi engena wafica uhadrat Umar (radiallahu anhu) equlekile embozwe ngeshidi.
UHadrat Miswaar (radiallahu anhu) wase ebuza laba kade bekhona,” Unjani?” baphendula bathi, “Uqulekile njengoba umbona.” Ngoba kade kusele isikhathi esincane ukuthi kungene iSalaah yeFajr, uHadrat Miswaar (radiallahu anhu) wathi, “Mvuseni ngokumbizela kwiSalaah ngoba ayikho enye into enimgamvusa ngayo ephuthumayo futhi ebalulekile kuye kuneSalaah.”
Base bethi, “ISalaah, O mphathi wamaMuslim! Akuphelanga isikhashana benze lokhu, uHadrat Umar (radiallahu anhu) wavuka wathi,”
Yebo, Ngiyafunga ngoAllah! Ayikho ingxenye kwiIslaam yomuntu odembesela iSalaah.”
UHadrat Umar (radiallahu anhu) wase enza iSalaah yakhe kuphuma igazi enxebeni.

About admin

Check Also

Abaluleki Ababili BaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uzikhumbuza Ukubuzwa Imibuzo Kwelizayo Noma ngabe uUmar (radiallahu anhu) ubalwe kwabayishumi …