AmaSunnat EMasjid – 4

7. Ngena eMasjid ngonyawo lwesokudla.

عن أنس بن مالك رضي الله عنه أنه كان يقول من السنة إذا دخلت المسجد أن تبدأ برجلك اليمنى وإذا خرجت أن تبدأ برجلك اليسرى (المستدرك على الصحيحين للحاكم، الرقم: 791)

Kubikiwe ukuthi uHadrat Anas (radiallahu anhu) wathi, “kuyiSunnah ukuthi uma ungena eMasjid, ungene ngonyawo lwesokudla futhi uma uphuma eMasjid , uphume ngonyawo lwesonxele.” 
8. Yisho iDua eyiSunnah uma ungena eMasjid. Amanye amaDua ayiSunnnah alandelayo:
IDua Eyokuqala

بِسْمِ اللهِ وَالصَّلاَةُ وَالسَّلاَمُ عَلٰى رَسُوْلِ اللهِ اَلّٰلهُمَّ افْتَحْ لِيْ أَبْوَابَ رَحْمَتِكَ

Egameni lika Allah. Ukukhonza nokuthula kube kumprofethi Muhammed (sallallahu alaihi wasallam). O Allah, ngiyacela ungivulele izicabha zomusa wakho. 
IDua Eyesbili 

اَلّٰلهُمَّ افْتَحْ لَنَا أَبْوَابَ رَحْمَتِكَ وَسَهِّلْ لَنَا أَبْوَابَ رِزْقِكَ

O Allah, ngicela ungivulele izicabha zomusa wakho futhi ungenzele kube lula izindlela zokuthola isondlo.
IDua Eyesthathu

بِسْمِ اللهِ وَالصَّلاَةُ وَالسَّلاَمُ عَلٰى رَسُوْلِ اللهِ رَبِّ اغْفِرْ لِيْ ذُنُوبِيْ وَافْتَحْ لِيْ أَبْوَابَ رَحْمَتِكَ

Egameni lika Allah. Ukukhonza nokuthula kube kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). O Nkosi yami, thethelela izono zami futhi ungivulele izicabha zomusa wakho.
IDua Yesine

أَعُوْذُ بِاللهِ العَظِيمِ وَبِوَجْهِهِ الْكَرِيْمِ وَسُلْطَانِهِ القَدِيْمِ مِنَ الشَّيْطَانِ الرَّجِيْمِ

Ngicela ukuvikelwa uAllah, omkhulu kakhulu futhi (ngicela ukuvikelwa) ngomusa wakhe namandla akhe angapheli kusathane oqalekisiwe.
Ngokusho leDu’a engenhla, umuntu uyothola ukuvikelwa okwaphezulu kusathane usuku lonke.

عن عبد الله بن عمرو بن العاص رضي الله عنهما قال كان رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول إذا دخل المسجد قال أعوذ بالله العظيم وبوجهه الكريم وسلطانه القديم من الشيطان الرجيم قال فإذا قال ذلك قال الشيطان حفظ مني سائر اليوم (سنن أبي داود، الرقم: 466)

UHadrat Abdullah bin Amr bin Aas (radiallahu anhu) ubika ukuthi uma uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) engena eMasjid kade ejwayele ukusho leDu’a elandelayo :

أَعُوْذُ بِاللهِ العَظِيْمِ وَبِوَجْهِهِ الْكَرِيْمِ وَسُلْطَانِهِ القَدِيْمِ مِنَ الشَّيْطَانِ الرَّجِيْمِ

URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi umuntu osho leDu’a usathane uthi, “Lo uthole ukuvikelwa okwaphezulu kimi usuku lonke.”

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 1

  1. Gqoka ngendlela efanelekile uma uya eMasjid. یٰبَنِیۡۤ  اٰدَمَ خُذُوۡا زِیۡنَتَکُمۡ عِنۡدَ کُلِّ مَسۡجِدٍ …