USatane Uvika Indlela (ehamba) UHadrat Umar (radiallahu anhu)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uhlonipha Amakhosikazi Ahlanzekile KaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

UHadrat Aslam (Rahimahullah) isigqila sikaHadrat Umar (radiallahu anhu) sibika ukuthi uHadrat Umar (radiallahu anhu) kade enezitsha eziwu (9) ezikhethekile ezazigcinelwe ukuthumela izipho kumakhosikazi ahloniphekile kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
UHadrat Aslam ubika ukuthi njalo uma kade kukulethwe ukudla okumnandi, izithelo noma inyama kuHadrat Umar (radiallahu anhu) wayejwayele ukwenza izigxenye eziwu (9) bese athumela kumakhosikazi ahloniphekile kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
Kade ejwayele ukuthumela izitsha eziwu (8) kwamanye amakhosikazi abesethumela isitsha esokugcina kuyindodakazi yakhe ethandekile, uHadrat Hafsah (radiallahu anhu).
Kwesinye isikhathi uma kade kushoda ukudla kunanoma esiphi isitsha, kade ejwayele ukuthumela lesositsha kuyindodakazi yakhe uHadrat Hafsah (radiallahu anhu) ukuze abaneqiniseko sokuthi amanye amakhosikazi athole izitsha ezigcwele. Ngalendela kade ekhetha amakhosikazi kaRasullullah (radiallahu anhu) ngaphezulu komdeni wakhe.

About admin

Check Also

Abaluleki Ababili BaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uzikhumbuza Ukubuzwa Imibuzo Kwelizayo Noma ngabe uUmar (radiallahu anhu) ubalwe kwabayishumi …