AmaSunnat EMasjid – 3

6. Isho iDua eyiSunnah uma uya eMasjid, amanye amaDua ayiSunnnah :

IDua Eyokuqala :
Umuntu osho leDu’a elandelayo uma ephuma eya eMasjid uthola umusa okhethekile kaAllah futhi izingilosi eziwu (70000) zimenzela iDu’a yentethelelo

اَللّٰهُمَّ إِنِّيْ أَسْأَلُكَ بِحَقِّ السَّائِلِيْنَ عَلَيْكَ وَأَسْأَلُكَ بِحَقِّ مَمْشَايَ هٰذَا فَإِنِّيْ لَمْ أَخْرُجْ أَشَرًا وَلَا بَطَرًا وَلَا رِيَاءً وَلَا سُمْعَةً وَخَرَجْتُ اِتِّقَاءَ سَخَطِكَ وَابْتِغَاءَ مَرْضَاتِكَ فَأَسْأَلُكَ أَنْ تُعِيْذَنِيْ مِنَ النَّارِ وَأَنْ تَغْفِرَ لِيْ ذُنُوْبِيْ إِنَّهُ لَا يَغْفِرُ الذُّنُوْبَ إِلَّا أَنْتَ

O Allah! Ngiyakucela ngalaba abaphenduka kuwe kwiDu’a futhi ngiyakucela ngokuhamba kwami – ngoba ngempela angifikile ngokuziqhenya nokugabjsa futhi nokuthi ngibonwe abantu. Ngifike ngenxa yokusaba ukuthukuthela kwakho nokufuna injabulo yakho. Ngakho-ke ngicela ungivikela emlilweni waseshogweni futhi thethelela izono zami ngoba uwe kuphela oxolela izono. 
Isaziso: kwelinye ibhuku ekuthiwa iMusnad Ahmed, kuthiwa izingilosi eziwu (70000) zimenzela iDu’a yentethelelo futhi uthola umusa okhethekile kaAllah aze aqede iSalaah yakhe.
IDua Eyesbili :

اَللّٰهُمَّ اجْعَلْ فِيْ قَلْبِيْ نُوْرًا وَفِيْ لِسَانِيْ نُوْرًا وَاجْعَلْ فِيْ سَمْعِيْ نُوْرًا وَاجْعَلْ فِيْ بَصَرِيْ نُوْرًا وَاجْعَلْ مِنْ خَلْفِيْ نُوْرًا وَمِنْ أَمَامِيْ نُوْرًا وَاجْعَلْ مِنْ فَوْقِيْ نُوْرًا وَمِنْ تَحْتِيْ نُوْرًا اَللّٰهُمَّ أَعْطِنِيْ نُوْرًا

O Allah! Faka ukukhanya enhlizweni yami, ufake ukukhanya elimwini lami, ufake ukukhanya ekuzweni kwami, ufake ukukhanya embonweni wami, ufake ukukhanya emuvakwami, ufake ukukhanya ngaphambili kwami ubeke ukukhanya ngaphezulu kwami futhi ubeke ukukhanya ngaphansi kwami. O Allah! Ngibusise ngokukhanya.

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 2

3. Abantu abazijwayeza iMasjid banikwa isikhundla esisondele kuAllah futhi bayizigqila ezikhethekile kuAllah. عن أنس بن …