Ukusho IDurood Ngaphambili Kokwenza IDua

عن فضالة بن عبيد قال: بينا رسول الله صلى الله عليه وسلم قاعد إذ دخل رجل فصلى فقال: اللهم اغفر لي وارحمني فقال رسول الله صلى الله عليه وسلم: عجلت أيها المصلي إذا صليت فقعدت فاحمد الله بما هو أهله وصل علي ثم ادعه قال: ثم صلى رجل آخر بعد ذلك فحمد الله وصلى على النبي صلى الله عليه وسلم فقال له النبي صلى الله عليه وسلم: أيها المصلي ادع تجب (سنن الترمذي، الرقم: 3476 وقال: هذا حديث حسن)

UHadrat Fadhaalah bin Ubaid (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngelinye ilanga, ngenkathi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ehleli (eMasjid), kwangena omunye umlisa wase enza iSalaah. Emvakokwenza iSalaah, lomuntu wase enza iDua ethi, “O Allah! Ngithethelele futhi ungiboze ngomusa wakho!” ngokubona indlela ekade enza ngayo iDua, uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase ethi kuye, “Usheshisile (ngokucela uAllah isidingo sakho), O Musalli (umuntu owenza iSalaah, uma uhleli ukuze wenze iDua, qalisa ngokudumisa uAllah ngendlela ekufanele adunyiswe ngayo. Emvakwalokho thumela iDurood kimi bese ubeka isidingo sakho kuAllah.” Emvakwalokho omunye umuntu wase enza iSalaah. Emvakokwenza iSalaah, wadumisa uAllah, wathumela iDurood kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), ngokubona lomuntu (elsndela imithetho yeDua), uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuye,” O Musalli yenza iDua ngoba iDua yakho izokwamukelwa!”
Ukukhetha Omakhelwane BaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)
UImaam Maalik (rahmatullah alayhi) wayekade ejwayele ukufundisa abantu abahlala eMadinah kqala ngaphambili kokuthi afundise abanye. Ngenkathi ebuzwa isizathu sokukhetha abafundi beHadeeth nabahlali baseMadeenah waphendula wathi “Laba omakhelwane baRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)”.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …