Ukuqina Emthethweni WeDeen

Ukuqaphela Emcebeni Womphakathi

Kwakuncomeka ukuqaphela okwathathwa nguHadrat Umar ngenkathi esebenzisa imali yomphakathi.
Ngelinye ilanga kwake kwafika uhlobo lamakha okwakuthiwa iMusk neAmbergris olalusuka endaweni ekuthiwa iBahrain.
Ngoba kade kuwumcebo womphakathi, uHadrat Umar (radiallahu anhu) wathi, “ngifunga ngoAllah! Ngifisa ukuthola umuntu onekhono lokukala lezinto ukuze ngizokwazi ukuzinikeza amaMuslim ngokulingana.
Ngokuzwa lokhu, umkakhe ohloniphekile, uAatika binte Zaid (radiallahu anha) wazinikela ngokusiza wathi,”Nginalo ikhono lokukala, letha ngizokukalela.” kepha uHadrat Umar (radiallahu anhu) wanqaba ukuthatha usizo lakhe.
Wase embuza isizathu sokunqaba, waphendula wathi, “Nginovalo lokuthi uma ukala, ungase uthathe lamakha asala ezandlenj zakho uwagcobe emzimbeni wakho.” UHadrat Umar (radiallahu anhu) wathi, “Uvalo lami ukuthi uma usuhlikihle emzimbeni wakho emvakokukala uzothola amakha angaphezulh kwamanye amaMuslim (futhi lokho Akuvumelekile).”

About admin

Check Also

URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Unika UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Izindaba Ezinhle Zokuthi Uzongena EJannah (ezulwini)

Isenzo Esadala Ukuthi UHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) Athole Izindaba Ezinhle Zokuthi Uzongena EJannah UHadrat Anas …