Isikhundla Esikhulu SikaHadrat Umar (radiallahu anhu)

Ukuzithoba KukaHadrat Umar (radiallahu anhu)

UHadrat Miswaar bin Makhramah (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi uHadrat Umar (radiallahu anhu) egwaziwe. Wakhathazeka waba nosizi lweUmmah (isizwe).
UHadrat Ibn Abbaas (radiallahu anhu) wamduduza ethi: “O Mphathi wamaMuslim! Asikho isidingo sokuthi ukhathazeke. Uhlalisane noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) futhi wafeza amalungelo okuhlalisana naye. Futhi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wahamba la emhlabeni ejabulile ngawe.
Uhlalisane noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) futhi wahlonipha ubudlewane bakho naye. UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wahamba la emhlabeni ejabulile ngawe.
Wase uhlala phakathi kwamaMuslim futhi wafeza amalungelo esizwe samaMuslim. Uma uhamba ushiya lomhlaba uzohamba esimweni sokuthi isizwe sijabulile ngawe.”
UHadrat Umar (radiallahu anhu) waphendula wathi,”Mayelana nalokhu okade ukusho ngokuhlalisana noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) nokuthi yena kade ejabulile ngami, (akusiyona impumelelo yami) kepha isibusiso esisuka kuAllah.
Mayelana nobudlewane bami noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) nokuthi yena ujabulile ngami, lokho futhi kuyisibusiso sikaAllah anginike sona. Mayelana nokukhathazeka nosizi ongifica kulona kungenxa yokuthi ngikhathazekile ngawe nesizwe sonke samaMuslim (ukuthi kuzo kwenzekalani ngani umasengishonile).
Ngiyafunga ngoAllah ukuthi uma kade nginegolide elilingana nomhlaba wonke bengizonikela ngalo lonke ukuze ngizivikele esijezisweni sikaAllah uma ngizoma ngaphambili kwakhe.
Buka ukwesaba KukaHadrat Umar (radiallahu anhu) ngisho noma ngabe enikiwe ezindaba ezinhle uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) zokungena eJannah la emhlabeni, kade esanalo uvalo lokusaba uAllah ngisho noma esehamba la emhlabeni.

About admin

Check Also

Abaholi Babantu Abaneminyaka Ephakathi EJannah

Isifiso SikaHadrat Umar (radiyallahu anhu) Sokungcwatshwa Eduze KwaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu …