Isifiso SikaHadrat Umar (radiyallahu anhu) Sokungcwatshwa Eduze KwaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)
Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) egwaziwe esephefumula okokugcina, wathumela indodana yakhe uHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhu) ukuthi ihambe iye endlini kaHadrat Aaisha (radiallahu anhu).
Wathi kuyena emlaya “uthi kuyena uUmar uthumela iSalaam. Ungathi Ameer-ul-mu’mineen (umphathi wamaMuslim), ngoba namhlanje angisiyena Ameer-ul-mu’mineen (ngoba sengizoshona). Umtshele ukuthi uUmar bin Khattaab ucela ukuthi angcwatshwe eceleni kwabangane bakhe ababili, (uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) no Abu Bakr (radiyallahu anhu)).”‘
Elandela umthetho kababa wakhe, uHadrat Abdullah bin Umar (radiallahu anhuma) wahamba waya endlini kaHadrat Aaisha (radiyallahu anha) wamfica ehleli phansi ekhala (ngosizi elizobheka nesizwe uma sekushone umphathi wamaMuslim).
Wadlulisa iSalaam kaHadrat Umar (radiyallahu anhu) wasw ethi kuyena “UUmar ucela imvume yokungcwatshwa eduze kwabangane bakhe ababili. Ngokuzwa lesicelo sikaHadrat Umar (radiyallahu anhu), uHadrat Aaisha (radiyallahu anha) wathi,”Kade nginesfiso Sokungcwatshwa khona lapho (eduze kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kodwa namhlanje ngizo yekela uHadrat Umar (radiyallahu anhu) kunami.
Ngenkathi uHadrat Abdullah bin Umar ebuyela wathi kuHadrat Umar (radiyallahu anha) uAaisha (radiyallahu anha) uyamnika imvume yokuthi angcwatshwe eduze kwaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) noHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu). UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ejabula kakhulu.
UHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase eqhubeka elaya indodana yakhe uHadrat Abdullah bin Umar (radiyallahu anhu) ethi, “Uma sengishonile, uma usuphethe umzimba wami, uphinde futhi uyongicelela imvume kuHadrat Aaisha (radiyallahu anha) futhi, uthi,” uUmar ucela ukungcwatshwa eduze kwabangane bakhe ababili, uma ekunika imvume ningingcwabe khona uma engavumi ninigingcwabe namanye amaMuslim.”