Umuntu Owokuqala Owenza IHijrah (ukuthutha) Nomdeni Wakhe

IMuslim Elokuqala Elenza IHijrah (ukuthutha) Nomdeni Walo
UHadrat Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wahamba waya eAbisiniya nomafazi wakhe uHadrat Rukayyah indodakazi ebusisekile kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) enza iHijrah.
Izindaba zesimo sabo zafika kamuva kepha uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waye kade ejwayele ukuphuma eMakkah ayofuna ulwazi ngabo, ekugcineni kwaze kwafika isalukazi samnika ulwazi ngabo.
Ngalesosikhathi, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) washo lokhu, “UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ungumuntu owokuqala owenza iHijrah endleleni kaAllah nomdeni wakhe emva kwamprofethi uEbrahim (alayhisallaam) nomprofethi uLut (alayhisallaam).
Kwenye ingxoxo Kubikiwe ukuthi ngenkathi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) enza inhloso yokuthuthela eAbisiniya uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi kuye, “Thatha uRukayyah (radiyallahu anha) nawe, ngizwa engathi nizokwazi ukwesekana futhi nikhuthazane ngokubekezela.
Emvakweskhathi sebehambile uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ecela uAsm’aa (radiyallahu anha) indodakazi kaHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu) ukuthi akathole ulwazi mayelana ngabo. Emvakokuthola ulwazi wase efica uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ehleli nobaba wakhe uHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu).
Wathi, “O Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ngithole ulwazi ukuthi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) uyahamba kwimanje babhekise ngase lwandle esimweni sokuthi umkakhe, UHadrat Rukayyah (radiyallahu anha) uhleli kwimbongolo.”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ejabula wathi,”O Abu Bakr (radiyallahu anhu), yibona abantu abokuqala ukwenza iHijrah (ukuthutha) endleleni kaAllah emva kwaba profethi ababili, uHadrat Ebrahim (alayhisallaam) noHadrat Lut (alayhisallaam).

About admin

Check Also

Isikhundla Esikhulu SikaHadrat Umar (radiallahu anhu)

Ukuzithoba KukaHadrat Umar (radiallahu anhu) UHadrat Miswaar bin Makhramah (radiallahu anhu) ubika ukuthi ngenkathi uHadrat …