23. Uma useMasjid enkulu kakhulu, kuvumelekile ukuthi uhambe ngaphambili komuntu owenza isalaah kepha kumele ugweme ukuhamba endaweni la enza khona iSajdah.
24. Uma useMasjid encane akuvumelekile ukuhamba ngaphambili komuntu owenza isalaah kodwa uma khona into ebekiwe ngaphambili kwakhe kuvumelekile ukudlula.
عن أبي جهيم رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم لو يعلم المار بين يدي المصلي ماذا عليه لكان أن يقف أربعين خيرا له من أن يمر بين يديه قال أبو النضر لا أدري أقال أربعين يوما أو شهرا أو سنة (صحيح البخاري، الرقم: 510)
UHadrat Abu Juhaim (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Uma umuntu odlula ngaphambili komuntu owenza iSalaah besazi isono sokudlula ngaphambili komuntu owenza iSalaah, ukulinda u(40) bekuyoba ncono kuyena.” uAbuNadhr uthi, “Angazi noma inhloso kade kuyizinsuku eziwu (40) noma izinyanga eziwu (40) noma iminyaka ewu (40).” (kwenye iHadeeth kukhulunywa ngeminyaka ewu (40).)
25. Akuvumelekile ukukhipha nomayini enikelwe eMasjid.