Umuntu Onesizotha Kakhulu Kulesizwe

Isizotha SikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu)

UHadrat Aisha (radiyallahu anha) ubika lokhu okulandelayo :
Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waye kade elele phansi endlini yami, ingubo lekade eyigqokile yase yanyakaza kancane kwase kwavele kancane ithanga nemibande ebusisekile kaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) nokho kodwa amathanga nemibande yakhe kade imbozwe ngenye indwangu.
Ngalesosikhathi kwafika uHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu) wase ecela ukungena, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wamvumela ukuthi angene futhi wakhuluma naye ekulesosimo elele phansi.
Emvakweskhathi kwase kufika uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wase ecela ukungena, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wamvumela ukuthi angene naye futhi wakhuluma naye ekulesosimo elele phansi.
Emvakwalokho kwase kufika uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) naye wase ecela imvume yokungena, ngenkathi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ecela imvume yokungena, uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphakama wahlala kahle waqondisa indwangu ekade eyigqokile. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase emvumela ukuthi angene futhi wakhuluma naye.
UHadrat Aisha (radiyallahu anha) uthi :
Ngenkathi sehambile uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu), ngambuza uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), “ngibone ukuthi ngenkathi kungene uHadrat Abu Bakr (radiyallahu anhu), uqhubeke walala phansi, futhi ngenkathi sekungene uHadrat Umar (radiyallahu anhu) futhi waqhubeka walala phansi. Kodwa ngenkathi sekungene uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu), uphakame wahlala kahle waqoqa ingubo yakho? ” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) waphendula wathi “kungaba kanjani ukuthi ngingamkhombisi isizotha esikhulu umuntu ngisho nezingelosi ezimkhombisa isizotha esikhulu?”
Kwenye ingxoxo uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi,”UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ungumuntu onesizotha esiphezulu kakhulu, ngibe novalo ukuthi uma ngimvumele ukuthi angene ngikulesosimo ubezoba namahloni ukukhuluma nami (ngenxa yesizotha anaso.) “

About admin

Check Also

“Al Farook ” Ohlukanisa iqiniso namanga

UHadrat Umar (radiyallahu anhu) Ekhuthaza Ukwenza Okuhle Sezophefumula Okokugcina Ngosuku lolu uHadrat Umar (radiyallahu anhu) …