28. Ungawaqhekezi amaqhupha uma useMasjid, noma uhlanganise iminwe yesandla esodwa nesinye uma uhleli eMasjid.
عن مولى لأبي سعيد الخدري قال بينا أنا مع أبي سعيد رضي الله عنه وهو مع رسول الله صلى الله عليه وسلم إذ دخلنا المسجد فإذا رجل جالس في وسط المسجد محتبيا مشبكا أصابعه بعضها في بعض فأشار إليه رسول الله صلى الله عليه وسلم فلم يفطن الرجل لإشارة رسول الله صلى الله عليه وسلم فالتفت إلى أبي سعيد فقال إذا كان أحدكم في المسجد فلا يشبكن فإن التشبيك من الشيطان وإن أحدكم لا يزال في صلاة ما كان في المسجد حتى يخرج منه (مجمع الزوائد، الرقم: 2047 ، الترغيب والترهيب، الرقم: 450)
Isigqila esikhululiwe sikaHadrad Abu Saeed Khudri (radiyallahu anhu) sibika ukuthi, “Ngelinye ilanga kade ngihamba noAbu Saeed (radiyallahu anhu) naye ehamba noRasulullah (sallallahu alayhi wasallam), sase singena eMasjid sabona umuntu ehleli esiphakathini eMasjid. Lomuntu kade ehleli ngesinqe sakhe esimweni sokuthi uphakamise amadolo akhe, ehlanganise izingalo zakhe ngaphezulu kwamadolo akhe, neminwe yakhe eyihlanganisile yonke. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wazama ukuthi amkhuze ngento eyenzayo kodwa lomlisa akanakanga. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ebhekisa kuAbu Saeed Khudri (radiyallahu anhu) ethi kuye “Noma ubani phakathi kwenu ongena eMusjid, akumele afake iminwe yesandla esodwa nesinye ngoba leso isenzo sikaShaytaan. Uma uhlelj eMasjid ulinde iSalaah elandelayo uthola umvuzo weSalaah, njengoba wenza iSalaah uze uphume eMasjid (kepha ukuhlanganisa iminwe kwiSalaah akuhambiselani neSalaah, uma ulinde iSalaah akumele uhlanganise iminwe uma ulinde iSalaah.