Ukusebenzisa Indlela Enomusa Uma Udayisa Noma Uthenga
U’Ataa bin Farookh (rahmatullah alayhi) ubika lokhu okulandelayo :
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wake wathenga isqhinti somhlaba komunye umuntu. Emvakokuthenga lowomhlaba, uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) walinda ukuthi lomuntu azolanda imali yakhe, kodwa lomuntu akafikanga azolanda imali yakhe.
Sekudlule isikhathi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wahlangana nalomuntu wase embuza, “Kungani ungayilandanga imali yakho?” lomuntu wase ephendula ethi, “Isizathu sokungayilandi imali yami ukuthi ngizwa engathi azange uyithenge lendawo ngemali efanelekile! Wonke umuntu engihlangane naye ungithethisile ngokudayisa lendawo ngaleli nani. UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase embuza ethi,”Ngempela ngabe yiso isizathu sokungayilandi imali yakho?” lomlisa wase ephendula ngokuvuma.
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ethi kuye, “Ngikunika ilungelo lokukhetha ukuthi uthathe indawo yakho noma mina ngithathe indawo wena uthathe imali yakho.”
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ethi kuye emvakwalokho emchazela isizathu sokumnika lelolungelo lokushiya ukudayisa noma sokumvumela ukuthi ayithenge,” URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wamenzela iDua umuntu onomusa uma edayisa noma ethenga. URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi,” O Allah busisa umuntu onomusa kubantu uma edayisa, ethenga, ekhokho noma ecela imali yakhe ngeJannah.