AmaSunnat EMasjid – 12

29. Ungayincolisi noma uyimanzise iMasjid ngokuphimisa amathe noma ukuhlanza amakhala uvumele ukuthi ukuncola kwele phansi eMasjid.

عن أبي ذر رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم عرضت علي أعمال أمتي حسنها وسيئها فوجدت في محاسن أعمالها الأذى يماط عن الطريق ووجدت في مساوئ أعمالها النخاعة تكون في المسجد لا تدفن (صحيح مسلم، الرقم: 553)

UHadrat Abu Zar (radiyallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Ngavezelwa izenzo ezinhle nezimbi zesiswe sami, ngathola ukuthi ezenzweni ezinhle ukususa into enobungozi endleleni futhi ngabona ukuthi ezenzweni ezibi ukuthi ushiye ukuncola kwamakhala eMasjid ngaphandle kokwembela (noma ukuhlanza).

عن أنس رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم البزاق في المسجد خطيئة وكفارتها دفنها (صحيح البخاري، الرقم: 415)

UHadrat Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “ukuphisa amathe ngaphakathi eMasjid kuyisono futhi inhlawulo yalokho ukuthi uwembele.” (Lokhu kungenkathi iSalaah eMasjid kade yenzelwa phansi esihlabatini kungedlaliwe lutho.)

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 9

23. Uma useMasjid enkulu kakhulu, kuvumelekile ukuthi uhambe ngaphambili komuntu owenza isalaah kepha kumele ugweme …