Isiprofethi Ngokubulawa KukaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu)

Ukwesaba Okwelizayo KukaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu)

UHadrat Haani (rahmatullah alayhi) isigqila esikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) esakhululwa, sibika ukuthi ngenkathi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ejwayele ukuya emathuneni ubejwayele ukukhala kakhulu kuze kumanze intshebe yakhe ngezinyembezi.
Khona umuntu owambuza, “Siyabona ukuthi uma ukhumbula iJannah neJahannam futhi ukhuluma ngazo uyakhathazeka kuze kufike ekutheni uqalise ukukhala. Futhi uma sikubona emathuneni ufikelwa ukwesaba uze uqale ukhale kakhulu. Yini isizathu salokho?”
UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) waphendula wathi, “URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi ‘ithuna isigaba esokuqala ezigabeni zakwelizayo. Uma ukwazi ukudlula khona uthole insindiso, kunethemba lokuthi zonke lezi ezinye izigaba ziyoba lula. Uma ungakwazanga ukudlula lesisgaba futhi uthole insindiso izigaba ezilandelayo ziyoba nzima kunalesi futhi kuyoba buhlungu kuyena.

About admin

Check Also

Umuntu Owokuqala Owenza IHijrah (ukuthutha) Nomdeni Wakhe

IMuslim Elokuqala Elenza IHijrah (ukuthutha) Nomdeni Walo UHadrat Anas (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Uthmaan …