Izenzo Ezinhle Eziyishumi Ezikhethekile EzikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu)
UHadrat Abu Thowr (rahmatullah alayhi) ubika ukuthi wake wayobona uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase emuzwa esho lokhu okulandelayo ngenkathi egxekwa. Wase ethi:
Nginezenzo eziyishumi engizilondolozele zona kuAllah enginesifo sokuthi ngizothola umvuzo wazo kwelizayo:
1) Ngingumuntu owesine owamukela iIslam.
2)Angikaze ngikhulume amanga impilo yami yonke.
3)Angikaze ngibeke isandla sami sokudla esithweni sangasese solokho ngenza isithembiso nomprofethi (sallallahu alayhi wasallam) ngesandla sokudla.
4)Solokhu ngamukela iIslam akukaze kudlule iJumuah ngaphandle kokuthi ngidedele isigqila. Uma kade nginganaso kuwusuku leJumuah ngaqinisekisa ukuthi ngiyasidedela umasekudlule isikhathi.
5)Angikaze ngiphinge impilo yami yonke futhi nangaphambili kokuthi ngamukele iIslam.
6)Ngake ngathengela ibutho eliya empini yaseTabuk zonke izimfanelo zokulwa ngokuphelele.
7)Ngabusiswa ngesikhundla sokuqoqa (ukuybeka emqondweni) iKuraan ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) esaphila.
8)URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wangishadisa nendodakazi yakhe ngenkathi ishona wase engishadisa nenye eyakhe futhi.
9)Angikaze ngiphuze utshwala impilo yami yonke futhi nangaphambili kokuthi ngamukele iIslam.
10)Yimi engathatha umthwalo kuthenga umhlaba (eMadina Munawwarah) ukuze kwandiswe iMasjid lapho uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wenza isithembiso sokuthi umuntu ozowthenga uzobusiswa ngeJannah.