Ukukhathazeka Ngokuphendula Kwelizayo

Ukukhathazeka Ngokuphendula Kwelizayo

Ngelinye ilanga uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wangena esibayeni sezilwane zakhe wafica isisebenzi sakhe sinika ikamela ukudla kwayo. Ngenkathi uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) ehlaziya lokudla, lendlela kade elungise ngayo ukudla ayimjabulisanga uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase edonsa indlebe yakhe. Emvakweskhathi wabona ukuthi isenzo sakhe kade singekho sihle. UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wakhathazeka futhi wasaba ukuthi angangeni enkingeni ngalesenzo sakhe kwelizayo.

UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ekhuluma nesgqila sakhe, “phindisela kumina.” kodwa isigqila sanqaba ukuphindisela. UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wagcizelela ukuthi aphindisele kuye saze savuma isigqila saqala sadonsa indlebe kaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu). UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ethi kuso,” Donsa kakhulu!” waze wagculiseka ukuthi isigqila siphindisele ngendlela naye adonse indlebe yaso ngokwezinhlungu.

UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ebabaza ethi, “kwaze kwakuhle ukuziphindisela khona la emhlabeni, ngaphambili kokuthi ukufune emhlabeni olandelayo.”

Isaziso: Ukuyala isigqila bekuvumelekile kuHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu). Kodwa wacela isigqila siphindisele ngoba esaba ukuthi mhlampe usenze ngokweqa. Lesenzo esikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) sikhombise indlela kade emsaba ngayo uAllah futhi nokukhathazeka kwakhe ngokuphendula kwelizayo. Engathi uAllah angasibusisa ngamandla okuthi sicabange ukuzilungisa izinhliziyo nokuphendula kwelizayo.

About admin

Check Also

Umuntu Onesizotha Kakhulu Kulesizwe

Isizotha SikaHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) UHadrat Aisha (radiyallahu anha) ubika lokhu okulandelayo : Ngelinye ilanga …