AmaSunnat EMasjid – 14

35. Ngaphandle kokuya eMasjid uyokwenza iSalaah, uma kukhona uhlelo lwentshumayelo eMasjid kumele wenze inhloso yokuya eMasjid uyofuna ulwazi lweIslaam. Uma ukwazi ukufundisa iIslam kumele wenze inhloso yokuhamba uye eMasjid uyofundisa abantu ulwazi lweDeen uma uthola ithuba.

عن عائشة رضي الله عنها قالت أمر رسول الله صلى الله عليه وسلم ببناء المساجد في الدور وأن تنظف وتطيب وقال سفيان قوله ببناء المساجد في الدور يعني القبائل (سنن الترمذي، الرقم: 594)

UHadrat Aaisha (radiyallahu anha) ubika ukuthi uHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wayala ukuthi AmaMasjid akhiwe ezindaweni ezahlukene futhi agcinwe ehlanzekile enuka kahle. 

عن ابن عمر رضي الله عنهما أن عمر بن الخطاب رضي الله عنه كان يجمر المسجد في كل جمعة (المصنف لابن أبي شيبة، الرقم: 7523)

UHadrat Abdullah bin Umar (radiyallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Umar (radiyallahu anhu) wayejwayele ukushisa into enuka kamnamdi eMasjid ngosuku lweJumuah. 
  36. Uma ubona ukuthi uyazela eMasjid kumele ushintshe indawo ohleli kuyona uhambe uyohlala kwenye iMasjid kodwa kumele ungakwenzi lokhu uma kuyintshumayelo yeJumuah. Ngokushintsha indawo ukuzela kuzophela.

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال سمعت رسول الله صلى الله عليه وسلم يقول إذا نعس أحدكم وهو في المسجد فليتحول من مجلسه ذلك إلى غيره (سنن أبي داود، الرقم: 1119)

UHadrat Ibnu Umar (radiyallahu anhu) uthi, “Ngezwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ethi uma uzizwa engathi uyazela phakathi eMasjid kumele ushintshe indawo ohleli kuyona uhambe uyohlala kwenye indawo.

About admin

Check Also

AmaSunnat EMasjid – 10

26. Wonke umuntu unelungelo elilingene lokusebenzisa iMasjid nezinto eziphakathi. Akuvumelekile ukuthi uzibekele indawo noma izinto …