UHadrat Hasan Basri (rahmatullah alayhi) uthi, “Umuntu onesfiso sokuphuza echibini likaHadrat Rasullullah laseKawsar ngenkomishi egcwele, kumele asho leDurood elandelayo:
اَللّٰهُمَّ صَلِّ عَلٰى مُحَمَّدٍ وَعَلٰى آلِهِ وَأَصْحَابِهِ وَأَوْلَادِهِ وَأَزْوَاجِهِ وَذُرِّيَّتِهِ وَأَهْلِ بَيْتِهِ وَأَصْهَارِهِ وَأَنْصَارِهِ وَأَشْيَاعِهِ وَمُحِبِّيْهِ وَأُمَّتِهِ وَعَلَيْنَا مَعَهُمْ أَجْمَعِيْنَ يَا أَرْحَمَ الرَّاحِمِيْنَ
O Allah thumela izikhonzo zakho kuMuhammed (sallallahu alayhi wasallam), umndeni wakhe, abalandeli bakhe, izingane zakhe, abafazi bakhe, inzalo yakhe, abantu bomndeni bakhe, izihlobo zakhe ngokomshado, abantu abamsizayo, abalandeli bakhe, laba abamthandayo, isizwe sakhe futhi nakuthina sonke kanye nabo. O wena onomusa kakhulu kulaba abahombisa umusa.
Ukubusiswa Ngokuvakashela UHadrat Rasullullah (sallallahu alayhi wasallam)
UHadrat Ibnu Umar ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umuntu ongivakashela sengihambile (la emhlabeni), kufana nokuthi ungivakashela ngiphila.”