Ukunikela Omhambweni LwaseTabook
UHadrat Abdur Rahmaan bin Khabbaab (radiyallahu anhu) ubika lokhu okulandelayo:
Ngangikhona ngenkathi uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) ekhuthaza amaSahaabah (radiyallahu anhum) ukuthi anikele ebuthweni eliya eTabook. Ngalelosuku, uHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wasukuma wathi, “O Sithunywa sikaAllah, ngithembisa ngokunikela ngamakamela awu (100) ahambiselana nezimfanelo zawo eziphelele (izihlalo noblankethe) endleleni kaAllah.”
Emvakwalokho uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ephinda futhi ekhuthaza amaSahaabah (radiyallahu anhum) ukuthi anikele futhi ebuthweni eliya eTabook. UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ephinda esukuma futhi ethi, ” O Sithunywa sikaAllah, ngithembisa ngokunikela ngamakamela awu (200) ahambiselana nezimfanelo zawo endleleni kaAllah.”
URasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wase ephinda ekhuthaza amaSahaabah okwesithathu ukuthi anikele ohambweni laseTabook. UHadrat Uthmaan (radiyallahu anhu) wase ephinda esukuma futhi ethi, “Ngithembisa ngokunikela ngamakamela awu (300) amanye futhi ahambiselana nezimfanelo zawo eziphelele endleleni kaAllah (kwase kuhlanganisa inani lomnikelo wamakamela awu (600)).
Ngalelosuku uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wehlika kwiMimbar (indawo ephakeme eMasjid) esho lokho ngenjabulo, “UUthmaan (radiyallahu anhu) akumdingi ukuthi enze ezinye izenzo ezinhle emvakwalesenzo (ukuze athenge iJannah), uUthmaan akadingi ukuthi enze ezinye izenzo ezinhle emvakwalesenzo.”