Ukwesaba UAllah Ta’ala

UKataadah (rahimahullah) ulandisa ukuthi uHazrat Abu Ubaydah (radhiyallahu ‘anhu) wayevame ukuthi, (Ngenxa yokwesaba ukuma phambi kuka-Allah Ta’ala ngosuku lweKiyaamah nokulandisa ngezono zakhe):

وددت أني كنت كبشا فيذبحني أهلي فيأكلون لحمي ويحسون مرقي

“Ngifisa kanjani ukube kade ngiyimvu nje. Abanikazi bami bebezongihlaba, badle inyama yami futhi bangiphuze umhluzo wami.” (Siyaru Aa’laamin Nubalaa 3/14)

Ngamanye amazwi, ukwesaba uAllah Ta’ala kanye nokulandisa ngezenzo zakhe kwakukhulu kakhulu ngalendlela ukuthi wayefisa sengathi kade engabe imvu ukuze angaphenduli ngezenzo zakhe kwelizayo.

About admin

Check Also

Izenzo Ezika Hadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Zihambiselana NeKuraan

Izenzo Ezika Hadrat Abu Ubaydah bin Jarrah (radiyallahu anhu) Zihambiselana NeKuraan Ngenkathi kuyimpi yaseBadr, ubaba …