Ukuthuthumala Kwentaba Ekuthiwa IHiraa Ngenxa Yenjabulo

IGazi Elokuqala Elachitheka Ngenxa YeIslam

UMuhammed bin Ishaak (rahmatullah alayhi) ubika lokhu :

Ezinsukwini zokuqala zeIslaam, amaSahaabah (radiyallahu anhum) kade ejwayele ukwenza iSalaah ngokucasha. Kade bejwayele ukuya emihosheni yaseMakkah Mukarramah.

Ngelinye ilanga uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) ehleli namanye amaSahaabah (radiyallahu anhum) benza iSalaah kweminye yemihosha yaseMakkah Mukarramah babonwa iqembu labangakholwa. Baqala babagqxeka ngenkolo yabo kwaze kwasuka impi phakathi kwamaqembu womabili. Ngenkathi kuliwa uHadrat Sa’d (radiyallahu anhu) walimala kabuhlungu ekhanda ngenxa yokushawa oyedwa kula abangakholwa ngethambo lekamela. Lena impi eyokuqala eyenzeka kwiIslam lapho kwalimala amaSahaabah (radiyallahu anhum) kwachitheka igazi kwiIslaam ngenxa yabangakholwa

About admin

Check Also

IDua Ekhethekile KaRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) Le Wayenzela UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu)

Ukubamba Iqhaza Empini YaseBadr UIsmaa’eel bin abi Khaalid ubika ukuthi uBahiyy (rahmatullah alayhi) wathi, “kade …