IRuku NeKawma (ukugoba nokuguqa)

1. Uma usuqedile ukusho iSurah Faatiha neKiraat (enye ingxenye YeKuraan) phinda usho iTakbeer (ukuthi Allahu Akbar) ngaphandle kokuphakamisa izandla uye kwiRuku (ugobe).

isaziso: ITabeer-e-Intikaaliyah (iTakbeer eshiwo uma usuka endaweni eyodwa uyakwenye) kumele uyisho uma usuka ugcine la uzomela khona.

2. Qinisekisa ukuthi iqolo lakho liqondile umawenza iRuku. Ngokufanayo imibande ( kuchaza ukuthi amadolo kuyaphansi) kumele kuqonde kanye nendololwane.

3. Kumele ikhanda liqonde kanye nomqolo. Akumele uliphakamise noma ulehlise.

4. Bamba amadolo ngokuqinisa izandla uzivule.

About admin

Check Also

ISalaah Yabesifazane

Sonke isici seIslaam esiphathelene nabantu besifazane sihambisana namahloni nesizotha. Mayelana nalokhu iIslaam ikhuthaza abesifazane ukuthi …