Isishoshovu Esikhulu Phakathi Kwezishoshovu ZeIslaam

Ekugxileni KwiIslaam

UAbul Aswad ubika lokhu okulandelayo: UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) wamukela iIslaam eneminyaka ewu(8),wase wafuduka eseneminyaka ewu (18). Umalume wakhe ubejwayele ukumgoqa ngocansi amlengise, abase umlilo ukuze azohilwa intuthu. Umalume wake amqoke ukuthi akashiye iIslaam, yena ubejwayele ukuphendula athi, “Angisoze ngaba iKaafir (umuntu ongakholwa)!”

UHadrat Zubayr (radiyallahu anhu) kade ephakathi kwa lamaSahaabah (radiyallahu anhum) afuduka ahamba aya eAbisiniya ebaleka ukuhlukunyezwa kweKuraysh. Kepha-ke akahlalanga isikhathi eside eAbisiniya waze wabuyela eMakkah Mukarramah wase efuduka eya eMadina Munawwarah. Wabusiswa ngokubamba iqhaza ekufudukeni kokubili ngenxa yeIslaam.

About admin

Check Also

URasulullah (sallallahu alayhi laihi wasallam) Ekhombisa IUmmah Isikhundla Esihloniphekile SikaHazrat Abu Ubaydah (radhiyallahu ‘anhu)

URasulullah (sallallahu ‘alayhi wasallam) wake wahlala noHazrat Abu Bakr (radhiyallahu ‘anhu), uHazrat Umar (radhiyallahu ‘anhu), …