Kuleli vesi, uAllah usiyale ukuba silandele izinceku zakhe ezithembekile, njengoba kuyibo abayaziyo indlela eqondile. Isizathu ukuthi lezi zinceku ezithembekile zifunde ulwazi lwe-deen (inkolo) kanye nencwadi kaAllah kwabadala kunabo, nabo bakuthola kubadala kunabo, kwaze kwafika lolu chungechunge lokuthola inkolo kumaSahaabah bona bayithola kuRasulullah (sallallahu alayhi wasallam).
Ngakho-ke, siyaqonda ukuthi kwi-Deen (inkolo) , sidinga i-Kitaabullah (izincwadi zasezulwini ) kanye ne-Rijaalullah (izinceku ezikhethekile zikaAllah) . Uma umuntu kufanele afunde umlando, uyothola ukuthi kusukela kudala bekulokhu kuwuhlelo lwaphezulu lukaAllah uSomandla ukuthi wehlisela phansi iKitaabullah (izincwadi zasezulwini ) kanye namaRijaalullah (abaprofethi nabalandeli babo abaqotho).
Akukaze kube khona isikhathi esifakazelwa emlandweni wesintu lapho u-Allah , embule i-Kitaab (ibhuku) esizweni ngaphandle kokuthumela iNabi (isithunya) kuso.
Umgomo wama-Ambiyaa bekuwukuchaza ukusetshenziswa okufanele kwe-kitaab ka-Allah kubantu futhi bababonise ukuthi bangaphila kanjani izimpilo zabo ngokuhambisana neziqondiso zayo.
Alislaam.com – Zulu