IRuku neKawmah (uKuma)

1. Isho i-Takbeer ungene kwi-Ruku

Qaphela: I-Takbeeraat-e-Intikaaliyyah (i-Takbeer eshiwo lapho usuka kwesinye isimo uye kwesinye) kufanele iqala ngokushesha nje lapho umuntu eqala ukuya esimweni esilandelayo futhi kufanele iqedwe kuphela lapho efinyelela l ukuma.

2. Goba kancane kuze kube yilapho iminwe ikwazi ukuthinta amadolo.

3. Gcina iminwe ihlangene. Qaphela: akumele umuntu abambe amadolo ngokugcwele noma alule iminwe. Ngokufanayo, ikhanda nomhlane ngeke kugcinwe kumugqa oqondile (njengoba kwenziwa amadoda uma enza i-Ruku).

4. Gcina izingalo ziseduze nezinhlangothi.

5. Amaqakala azo zombili izinyawo kufanele zigcinwe ndawonye.

6. Gxilisa amehlo ezinyaweni uma wenza i-Ruku.

7. Phinda izikhathi ezintathu noma isibalo esiwugweje le-tasbeeh elandelayo:

سُبْحَانَ رَبِّيَ الْعَظِيْم

Mkhulu umdali wami omkhulu kunabo bonke,

8. Sukuma kwi-Ruku usho iTasmee:

سَمِعَ اللهُ لِمَنْ حَمِدَهْ

UAllah uyamuzwa lowo omdumisayo.

kulandelwa i-Tahmeed:

اَللّٰهُمَّ رَبَّنَا وَلَكَ الْحَمْد

 O Allah, mdali wethu, udumo lonke olakho wedwa.

9. Sukuma uqonde. Ngemva kokusukuma kwi-Ruku, ungazibophi izandla zakho. Kunalokho, zishiye eceleni kwakho. Lesi simo sibizwa nge-Kawmah. Kwi-Kawmah, yima phezulu uqonde nge-Ta’deel-e-arkaan (umzimba kufanele uqonde ngokuphelele ngokukhululeka) ngaphambi kokungena ku-sajdah.

 

About admin

Check Also

Ngaphambi KweSalaah 1

1. Kufanele kunakisiswe ngokukhethekile ukugqoka ngendlela efanele ngeSalaah. Owesifazane kufanele agqoke izingubo ezinjalo ezizofihla umzimba …