UAllah Umemezela Injabulo Yakhe Engapheli YamaSahaabah (radhiyallahu anhum)

Uthando LukaHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ngeskhathi seHudaibiya, ngenkathi abangakholwa banqabela amaMuslim ukuthi angene eMakkah Mukarramah ukuze enze iUmrah (uhambo oluncwele), uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) wathunywa uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) ukuthi ahambe ayobonisana neqembu leKuraish eMakkah Mukarramah.
Ngenkathi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) ehambile eye eMakkah Mukarramah, amanye amaSahaabah (radhiyallahu anhum) ayekade enomona ngaye ngokuthi uzokwazi ukwenza iTawaaf (ukuzungenza) yendlu kaAllah. Kodwa uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Angiboni ukuthi uyofisa ukwenza iTawaaf ngaphandle kwami.”
Ngenkathi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) engena eMakkah Mukarramah, uAbaan bin Sa’eed wamthatha wathi uyena ozomvikela, wase ethi kuye, “Usungahamba uye noma ikuphi la othanda ukuya khona, akekho ozokuthinta la.
UHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) wahamba wayokwenza izingxoxo noAbu Sufyaan nezinye izinduna zaseMakkah Mukarramah njengoba wayekade ethunyiwe uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam), ngekathi esezobuya, iKuraish ngokwayo yase ithi kuye, “Njengoba usukhona la eMakkah Mukarramah, usungayenza iTawaaf ngaphambili kokuthi ubuyele emuva.” Kepha-ke uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) waphendula wathi, “Kungenzeka kanjani ukuthi mina ngenze iTawaaf ( Ngaphandle kamprofethi (sallallahu alayhi wasallam))?”
Lempendulo ayizange ibe yinhle kwiKuraish base bembopha uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) eMakkah Mukarramah. Udaba lafika KumaMuslim ukuthi uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) ubulewe.
Ngenkathi loludaba lufika kuRasullulah (salallahu alayhi wasallam). Wase uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) wathatha isithembiso kumaSahabaah ukuthi bazolwa kuze kuphele wonke amagazi abo.
Ngenkathi iKuraish izwa lokhu yavele yesaba yase imdedela uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu).
Kulesenzakalo siyabona uthando ayekade enalo uHazrat Uthmaan (radhiyallahu anhu) likaRasulullah (salallahu alayhi wasallam), ukuthi akazange ayenze iTawaaf ngaphandle kwaRasullulah (sallallahu alayhi wasallam ).

About admin

Check Also

Olunge Kakhulu Kulesizwe

Ayikho Indawo Yomuntu Othuka AmaSahaabah KwiIslam Ngelinye ilanga kwafika umuntu kuZainul Abideen, Ali bin Hussain …