Ukukhetheka KwamaSahaabah (radhiyallahu anhum) Ngaphezulu Kwesizwe Sonke

UHazrat Abu Ubaidah ( radhiyallahu anhu) Uncamela Amazinyo Akhe Ngenxa KaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam)

Ngenkathi kuyimpi yaseUhud, izitha zahlasela uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) kanzima kabi, okwadala ukuthi izinsimbi ezimbili ezazisesgqokeni sakhe sokuzivikela zangena ebusweni bakhe.
UHadrat Abu Bakr Siddeeq (radhiyallahu anhu) noHazrat Abu Ubaidah (radhiyallahu anhu) bagijima ngokushesha beyosiza uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam). UHazrat Abu Ubaidah ( radhiyallahu anhu) waqala ukudonsa izinsimbi ngamazinyo akhe. Ngenkathi esaqeda ukukhipha insimbi eyodwa, waye kade esephunyelwe izinyo elilodwa. Ngokungazisoli ngokulahlekelwa izinyo lakhe, waphinda wasebenzisa amazinyo akhe ngokudonsa lenye insimbi. Waphumelela ngokuyidonsa kodwa ngokwenza njalo wase elahlekelwa elinye futhi izinyo.
Ngenkathi seziphumile izinsimbi, laqala igazi lachitheka lisuka emzimbeni obusisekile kaRasullulah (sallalahu alayhi wasallam). UMaalik bin Sinaan, ubaba kaHadrat Abu Saeed Khudri (radhiyallahu anhuma) wase eyalikhotha igazi ngezindebe zakhe. Ngokubona lokhu, uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, “Umlilo wasesihogweni awkwazi ukuthinta umuntu onegazi elixubwe nelami.

About admin

Check Also

Umuntu Othandekile KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam)

Isexwayiso Ngokusho AmaHadeeth Asuka KuRasullullah (sallallahu alayhi wasallam) UHadrat Abdullah bin Zubayr (radiyallahu anhu) ubika …