IDurood Yesizwe Ifikela KuRasullulah (sallallahu alayhi wasallam)

عن أبي هريرة قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم لا تجعلوا بيوتكم قبورا ولا تجعلوا قبري عيدا وصلوا علي فإن صلاتكم تبلغني حيث كنتم (سنن أبي داود، الرقم: 2042، وإسناده جيد كما في البدر المنير 5/290)

UHazrat Abu Hurairah (radhiyallahu anhu) ubika ukuthi uHazrat Rasulullah (sallallahu alayhi wasallam) wathi, ” Ningayenzi imizi yenu amathuna (kuchaza ukuthi letha impilo ngokwenza izenzo ezilungile njengeSalaah, ukufunda iKuraan nezinye izenzo, ukuze imizi yenu ingabi njengamathuna la kungekho khona izenzo) futhi ningalenzi ithuna lami indawo yemcimbi, thumelani iDurood kimi, ngoba ngempela iDurood yenu iyafikela kimi (ngezingelosi) noma ikuphi la ukhona.”

Uthando LaHazrat Zaid bin Dathinah (radhiyallahu anhu) LikaRasulullah (sallallahu alayhi wasallam)
Ngenkathi abangakholwa sebezobulala iSahaabi elikhulu, uHazrat Zaid bin Dathinah (radhiyallahu anhu), bambuza, “Ungajabula ukuthi uMuhammad (sallallahu alayhi wasallam) usendaweni yakho wena ube ukhululekile uhleli nomndeni wakho ?”
Impendulo yakhe ngaphandle kokuphazima kweso wathi, “Ngiyafunga ngoAllah, angikwazi nokubekezela ukuthi mina ngihlale ngikhululeke nomndeni wami kube khona iva elihlaba uRasullullah (sallallahu alayhi wasallam).” Ngokuzwa lamazwi, uAbu Sufyaan wathi, “Alukho uthando emhlabeni elingalinganiswa nothando lamaSahaabah akade ayenalo laRasullullah (sallallahu alayhi wasallam). (Seerah ibnu Hishaam 2/172)

About admin

Check Also

Ukusho IDurood kashumi Ekseni Nantambama

عن أبي الدرداء رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …