Umuntu OneImaan Enkulu Kakhulu Kulesizwe

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Esiza UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam).

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Ubika Lokhu Okulandelayo Mayelana Nohambo Lakhe NoRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

Sasihamba ngokushesha phakathi nobusuku nengxenye yosuku olulandelayo kwaze kwaba namandla ukushisa kwase mini. Ngase ngabona ukuthi emgaqweni akusekho muntu futhi kungahambi muntu. Ngabheka phambili ukuze ngibone ukuthi awukho yini umthunzi esasingangena kuwona. Ngabona idwala elikhulu la kwakukhona umthunzi futhi sasingaphephela khona ezitheni naselangeni.
Safike sama eduze kwalo lelodwala, ngase ngisebenzisa izandla zami ukuqondisa (isihlabathi) phansi ukuze uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) akwazi ucambalala aphumule. Ngase ngibheka ukuthi akekho yini okade ehamba esibheka. Ngase ngabona isigqila esilusayo sisondela eduze kwedwala ukuze sithole umthunzi njengoba sasiphumulile.
Ngase ngimbuza ukuthi ubani umnikazi wakhe wase esho igama lomunye umlisa waseMakkah. (kade kuwusiko ukuthi kubantu balesosikhathi ukuthi bavumela abahambi basebenzise ubisi lezilwane zabo ezasiluswa. UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wase ecela lomlusi ubisi.)
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) uthi :
Ngabuza umlusi, “Zikhona izimbuzi zakho ezinobisi?” umlusi waphendula wathi, “yebo.” Ngase ngimbuza, “ungakwazi ukungisengela imbuzi?”
Umlusi wavuma kodwa ngaphambili kokuthi asenge ngathi kuye,” Qinisekisa ukuthi uyawasula amabele ususe uthuli, izinwele nodoti.” Umlusi wase eyisenga imbuzi wathela ubisi esitsheni sami. Ngathela amanzi kulolubisi olushisayo ukuze ngilipholise. Ngathatha ubisi ngahamba ngayolinika uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), angifisanga ukphazamisa ngokumvusa kodwa ngamfica ephapheme.
Ngamnika ubisi ngithi kuye, “phuza lokhu, O Sithunywa sika Allah.” Ukubona uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ephuza ubisi ngenjabulo kwaletha inkululeko nenjabulo enkulu enhlizweni yami.
Kulesenzakalo sibona loluthando olukhulu uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) akade ayenalo laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ukuthi ukubona uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) emnandelwa ubisi kwaletha injabulo kuye noma kwakungeyena okade eliphuza.
Loluthando lingafaniswa nothando lukamama enganeni uma ebona ingane yakhe idla – ukuyibuka ingane idla kuletha injabulo kumama.

About admin

Check Also

Ukuqina Emthethweni WeDeen

Ukuqaphela Emcebeni Womphakathi Kwakuncomeka ukuqaphela okwathathwa nguHadrat Umar ngenkathi esebenzisa imali yomphakathi. Ngelinye ilanga kwake …