Ukusho IDurood Ewu (1000) Ngolwesihlanu

عن أنس بن مالك قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من صلى علي في يوم الجمعة ألف مرة لم يمت حتى يرى مقعده من الجنة (أخرجه ابن شاهين بسند ضعيف كذا في القول البديع صـ 397)

UHadrat Anas (radiallahu anhu) ubika ukuthi uHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Umuntu osho iDurood ewu (1000) kimi ngolwesihlanu angeke aze ashone engaboniswanga indawo yakhe ezulwini.”

Ukuzinikela KwamaSahaabah (radiallahu anhum) KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

Umuzi kaFaatimah (radiallahu anha) wawukade ukude kunomuzi kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Ngelinye ilanga URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuye, “isfiso sami ukuthi uhlale eduze kwami.” UFaathimah (radiallahu anha) waphendula wathi, “Umuzi kaHaaritha useduze kowakho, uma ungase umcele ukuthi ashintshisane umuzi wakhe nowami, uyojabula ukwenza njalo.” URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) waphendula wathi, “Ngake ngamcela phambilini wangishitshisela. Senginamahloni ukumcela okwesbili.”

UHaaritha (radiallahu anhu) wase wezwa ngesifiso sikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ukuthi uthanda ukuthi uFaathimah (radiallahu anha) ahlale eduze kwakhe. Wase waya KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuye,” Ngizwile ngesifiso sakho sokuthi uFaathima ahlale eduze kwakho. Nayi imizi yami yonke phambili kwakho, ayikho eminye imizi eseduze kakhulu kweyakho kuneyami. UFaathimah (radiallahu anha) usengathatha noma eyiphi indlu ayifunayo kulemizi yami. O Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) lokho okwami okwamukelayo ngiyokujabulela kakhulu kunalokho oyokushiya.”

UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wavuma wase ethi,” Ngiyazi ukuthi lokho okushoyo kusuka enhlizweni yakho”, wase uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) emenzela iDua.

About admin

Check Also

AmaDu’a Amisiwe Kuze Kushiwo IDurood

عن عمر بن الخطاب قال: إن الدعاء موقوف بين السماء والأرض لا يصعد منه شيء …