Al Ateeq – Lo Okhululiwe Emlilweni WaseJahannam

Inhlonipho KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) KuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Nothando Lwakhe LikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)

Ngenkathi kuyiFat-he-Makkah Mukarramah (ukuqontshwa kwabantu baseMakkah), uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) waletha ubaba wakhe uAbu Quhaafa (radiallahu anhu) kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ukuze amukele iIslaam. Ngalesosikhathi uAbu Quhaafa (radiallahu anhu) wayekade eniminyaka edlula u (90) futhi eselahlekelwe namandla okubona.
Ngenkathi sebefikile kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi kuHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu), “Yindaba ungamshiyanga umkhulu (ebhekise kubaba kaAbu bakr (radiallahu anhu)) kube yimina engiya kuyena (endlini yakhe)?“
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) waphendula wathi,” cha, ngibone kuncono ukuthi aze kuwe (futhi uwena onelungelo elikhulu lokuthi uhlonishwe, uyisthunywa sikaAllah).”
Kwenye ingxoxo, uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) uchaza isizathu sesifiso sakhe sokuthi ubaba wakhe aye kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam), kunokuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) aye kuyena.
Wathi kuye,” O Sithunywa sika Allah (sallallahu alaihi wasallam) ngifise ukuthi ubaba wami eze kuwe ukuze lokhu kube yindlela yokuthi uAllah ambusise (ngokuza kwakhe noma ngabe eyimpumputha futhi egugile).
Ngokuzwa lokhu uHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Sizokwenza noma ngeyiphi indlela ukuthi simunakekele (uAbu Quhaafa (radiallahu anhu)) futhi simkhombise impatho ekhethekile ngenxa yobuhle obukhulu esikuthola kuyindodana yakhe.”
UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wase ehlalisa ubaba wakhe ngaphambili kwaHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), emvakwalokho uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wadlulisa isandla sakhe esibusisekile ngaphezu kwesifuba sakhe ethi,” Amukela iIslaam uzobusiswa ngensindiso.” UHadrat Abu Quhaafa (radiallahu anhu) wasamukela isimemo sikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wase waba iMuslim khona lapho.

About admin

Check Also

Ukuqina Emthethweni WeDeen

Ukuqaphela Emcebeni Womphakathi Kwakuncomeka ukuqaphela okwathathwa nguHadrat Umar ngenkathi esebenzisa imali yomphakathi. Ngelinye ilanga kwake …