Ukuthola IDua KaHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ngokusho IDurood Ngosuku LweJumuah

عن عمر بن الخطاب رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: أكثروا الصلاة علي في الليلة الزهراء واليوم الأزهر فإن صلاتكم تعرض علي فأدعو لكم وأستغفر (القربة لابن بشكوال، الرقم: ١٠٧، وسنده ضعيف كما في المقاصد الحسنة، الرقم: ١٤٨)

UHadrat Umar bin Khattaab (radiallahu anhu) ubika ukuthi uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Yandisa ukusho iDurood kimi ngosbusuku beJumuah nemini ekhanyayo yeJumuah ngoba iDurood yenu yethulwa kimi. Mina ngibe sengikwenzela iDua ngikucelela kuAllah ukuthi akuthethelele izono zakho.”
UHadrat Bilaal (radiallahu anhu) Ubuyela EMadinah Tayyibah
Emuva kokushona kaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) kwaba nzima kuBilaal (radiallahu anhu) ukuthi ahlale eMadinah. Lokhu kwakungenxa yothando lakhe olukhulu laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). Ukuhlala eMadinah kwakudala ukuthi akhumbule uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ngaso sonke isikhathi. Wase eyahamba eMadina wachitha isikhathi sakhe ngokulwa endleleni kaAllah.
Ngelinye ilanga wabona uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ephupheni ethi kuye, “O Bilaal, Yindaba engathi awsangazi (awungi vakasheli)? “ washesha wabhekisa eMadina Tayyibah.
Ngokufika khona, uHadrat Hassan no Hadrat Hussain, abazukulu baRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) bamcela ukuthi enze iAzaan. Akazange akwazi ukubanqaba ngoba waye kade ebathanda kakhulu.
Ngenkathi sekwenziwe iAzaan, abantu baseMadina Tayyibah bakhihla isililo bekhumbula isikhathi sikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). UBilaal (radiallahu anhu) wase ephinda wahamba eMadina Tayyibah emuva kwezinsuku washonela eDamascus ngonyaka 20 A.H.

About admin

Check Also

Ukusho IDurood Uma Usemhlanganweni

عن ابن عمر رضي الله عنهما قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم زينوا …