Imibuzo Ejikelele Mayelana NeAzaan NeIkaamah – 3

5. Uma phakathi nokwenza iAzaan ukhohlwe amagama athile kumele wenze njani?

Impendulo : Uma ukhumbula phakathi neAzaan noma usanda ukuqeda ukwenza iAzaan ngaphambili kokuthi ukhulume kumele usho lamazwi kade uwakhohliwe uqhubeke la ugcine khona. Kodwa uma usho lamazwi okade uwakhohliwe kuphela futhi uyiqedele iAzaan kungcono ngoba uyobe wenza iAzaan ngendlela eyiSunnah. Kodwa Uma ukhumbula usuyiqedile iAzaan futhi usukhulumile kumele uyiphinde iAzaan yonke sukela ekuqaleni.
6. Umbuzo : Kuvumelekile yini ukuthi uMuazzin ahambe uma enza iIkaamah?
Impendulo : kuMakrooh (yinto engathandekile) ukuthi uMuazzin ahambe uma esho iIkaamah.

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 1

  1. Ukwenza iWudhu endlini ube usuhamba phansi uye eMasjid kuyindlela Yokuthi kube intethelelo yezono …