Ukubizwa NgoAs-Siddeeq NguHadrat Jibraeel (alayhis salaam)

Uthando LaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Luhambiselana Nothando LikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) 

Emvakokuthi ubaba kaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) amukele iIslaam, uHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wathi kuHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam), “Ngiyafunga ngalo owakuthumela neqiniso! Noma ngabe ngijabule kangakanani ukwamukelwa kweIslaam ubaba wami, injabulo ebengizoba nayo uma umalume wakho uAbu Taalib amukele iIslaam beyizoba ngaphezulu kunale enginayo manje. Isizathu salokho ukuthi uma umalume wakho uAbu Taalib amukele iIslaam beyizokulethela injabulo enkulu (kunenjabulo yakho ngokuthi ubaba wami amukele iIslaam).”
Ngenkathi uRasullullah ezwa lenkulumo kaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) wajabula kakhulu ngoHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) futhi wafakaza uthando lakhe olukhulu laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). UHadrat Rasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Ngempela ukhulume iqiniso.”

About admin

Check Also

Abaholi Babantu Abaneminyaka Ephakathi EJannah

Isifiso SikaHadrat Umar (radiyallahu anhu) Sokungcwatshwa Eduze KwaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ngenkathi uHadrat Umar (radiyallahu …