Ukuholelwa Eqinisweni Ngokwaphezulu

UHadrat Ali Ufisa Ukuhlangana NoAllah Ngezenzo ZikaHadrat Umar (radiallahu anhu)

UHadrat Abdullah bin Abbaas (radiallahu anhuma) uthi :
Ngangikhona ngenkathi umzimba kaHadrat Umar (radiallahu anhu) ubekwe ohlakeni emvakokuthi abulawe. Abantu bavele benza isixuku emzimbeni wakhe. Ngenkathi besalindile ukuthi kuphakamiswa umzimba wakhe ayoncwatshwa, babethumela iDurood kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) futhi benzela uHadrat Umar (radiallahu anhu) iDua. Kungazelelwe ngabona umuntu emvakwani engibamba emahlombe ngenkathi ngiphenduka ukuze ngibone ukuthi ubani, ngabona uHadrat Ali (radiallahu anhu).
Ngenkathi ebuka umzimba kaHadrat Umar (radiallahu anhu) wathi, “O Umar! Engathi uAllah engakubusisa ngomusa wakhe okhethekile,” okwamanje akekho umuntu onezenzo engizithandayo futhi engifisa ukuhlangana noAllah ngazo ngaphezulu kwezenzo zakho! Ngiyafunga ngoAllah ukuthi nginesiqiniseko sokuthi uAllah uzokuhlanganisa nabangane bakho ababili, uHadrat Rasullullah noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu).”
“Impilo yakho yonke kade uhlezi uhamba noRasulullah (sallallahu alaihi wasallam) noHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu). Ngakho-ke kade ngijwayele ukuzwa uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ethi, ‘Kade ngihambe ngaya endaweni ethile noAbu Bakr noUmar. Ngingene endaweni ethile noAbu Bakr noUmar. Ngisuke endaweni ethile noAbu Bakr noUmar.”‘

About admin

Check Also

Ofanelekile Kakhulu Ukuhola Abantu KwiSalaah

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) – Umfanekiso Womusa Nobuhle Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) …