AmaSunnat EMasjid – 1

  1. Gqoka ngendlela efanelekile uma uya eMasjid.

یٰبَنِیۡۤ  اٰدَمَ خُذُوۡا زِیۡنَتَکُمۡ عِنۡدَ کُلِّ مَسۡجِدٍ

UAllah uthi, “O zingane zikaAadam (ukthula kube kuye), thathani ukuhlobisa kwenu (izingubo ezifanelekile) ngesikhathi sokwenza iSalaah eMasjid.” 
  2. Susa iphunga elibi elisuka emzimbeni, ezingubeni noma emlomeni ngaphambili kokuthi unge eMasjid, kuchaza ukuthi uma kade udla u-anyanisi noma into enephunga elibi, noma kade umile eduze komlilo noma okunye okunephunga elibi.

عن جابر رضي الله عنه قال قال رسول الله صلى الله عليه وسلم من أكل من هذه الشجرة المنتنة فلا يقربن مسجدنا فإن الملائكة تتأذى مما يتأذى منه الإنس (صحيح مسلم، الرقم: 564)

UHadrat Jaabir (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi, “Umuntu odla lesihlahla (ugaliki noma u-anyanisi) esinephunga elibi kumele angasondeli eduze kweMasjid yethu ngoba izingilosi ziyphazamikseka ngenxa yephunga elibi elisuka kulezinto futhi nabantu bayaphazamiseka.” 
  3. Zama ukugcoba amakha (iperfume) ngaphambili kokuthi uze eMasjid.

عن أبي سعيد الخدري رضي الله عنه أن رسول الله صلى الله عليه وسلم قال غسل يوم الجمعة على كل محتلم وسواك ويمس من الطيب ما قدر عليه (صحيح مسلم، الرقم: 847)

UHadrat Abu Saeed Khudri (radiallahu anhu) ubika ukuthi URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) wathi,”Wonke umuntu osekhulile kumele enze iGhusal (ukugeza ngendlela eyiSunnah) ngosuku lweJumuah, asebenzise iMiswaak futhi agcobe amakha (iperfume) uma ekwazi.”

About admin

Check Also

Ubuhle Bomuntu Ohamba Aye EMasjid Ukuyowenza ISalaah – 1

  1. Ukwenza iWudhu endlini ube usuhamba phansi uye eMasjid kuyindlela Yokuthi kube intethelelo yezono …