AmaDu’a Amisiwe Kuze Kushiwo IDurood

عن عمر بن الخطاب قال: إن الدعاء موقوف بين السماء والأرض لا يصعد منه شيء حتى تصلي على نبيك صلى الله عليه وسلم (سنن الترمذي، الرقم: 486)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) ubika uthi, “AmaDu’a ayahlala amisiwe phakathi kwamazulu nomhlaba. Awadluli emazulwini ingakoshiwo iDurood kuRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) (kuchaza ukuthi asikho isiqiniseko sokwamukelwa).
Inhlonipho KaImaam Maalik (rahmatullah alayhi)
UImaam Maalik waye kade enothando olukhulu lendawo yaseMadeenah Munawwarah. Loluthando ladalwa ukuthi waye kade enothando olukhulu laRasullullah (sallallahu alaihi wasallam).
UAllahmah Ibnu Khallikaan ubhala uthi :
UImaam Maalik (rahmatullah alayhi) akaze agibele isilwane edolobeni elibusisekile laseMadeenah Munawwarah. Nangeskathi esekhulile futhi esephelelwe amandla wakhetha ukuhamba phansi kunokugibela isilwane. Ngenkathi uImaam Maalik (rahmatullah alayhi) ebuzwa isizathu salokho, waphendula wathi, “Ngizwa ubunzima ukuthi ngingagibela isilwane edolobeni elibusisekile laseMadeenah Munawwarah kepha uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam) ungcwatshwe khona la ngaphansi komhlaba.

About admin

Check Also

Intethelelo Yezono Zeminyaka Ewu (80) Futhi Nokubhalelwa Ukukhonza kweminyaka Ewu (80) Ngokusho IDurood Ewu (80) Ngolwesihlanu

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …