Abaluleki Ababili BaRasulullah (sallallahu alaihi wasallam)

UHadrat Umar (radiallahu anhu) Uzikhumbuza Ukubuzwa Imibuzo Kwelizayo

Noma ngabe uUmar (radiallahu anhu) ubalwe kwabayishumi abathenjiswa iJannah (izulu) la emhlabeni, futhi naphezulu kokuthi waba umholi wesbili weIslam, waye kade ehlezi ezithobile futhi esaba ukubuzwa imbuzo ngaphambili kwaAllah ngosuku leKiyaamah.
Kubikiwe ukuthi ngelinye ilanga uHadrat Umar (radiallahu anhu) wangena ensimini yezithelo ehamba noAnas (radiallahu anhu).
Ngenkathi ephakathi ensimini wahlukana noAnas (radiallahu anhu) wase eya kwenye ingxenye yensimi, ubenganalo ulwazi lokuthi uAnas (radiallahu anhu) uyamuzwa la kade ekhona, wase ekhuluma yedwa ezikhumbuza ukubuzwa imbuzo ngosuku lweKiyaamah.
Wase ekhuluma yedwa ethi, “Umar bin Khattaab! Abantu Bakubiza ngesikhundla, Ameer-ul-mu’mineen (mholi wamaMuslim),uma ubona lokho kukuhle kakhulu, ngiyafunga ngoAllah ukuthi, o ndodana kaKhattaab! Khumbula ukuthi kumele usabe uAllah la emhlabeni (ngokuphila impilo eqotho), noma uzokujezisa ngempela (kwelizayo).”

About admin

Check Also

URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ukhuluma NgeKhilaafa (ukubusa) KaHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu)

UHadrat Abu Bakr (radiallahu anhu) Evikela URasullullah (sallallahu alaihi wasallam) Ngelinye ilanga uRasullullah (sallallahu alaihi …