Ukusho IDurood Ngaphambili Kokwenza IDua

عن عبد الله بن مسعود قال إذا أراد أحدكم أن يسأل فليبدأ بالمدحة والثناء على الله بما هو أهله ثم ليصل على النبي صلى الله عليه وسلم ثم ليسأل بعد فإنه أجدر أن ينجح (المعجم الكبير للطبراني، الرقم: 8780، ورجاله رجال الصحيح إلا أن أبا عبيدة لم يسمع من أبيه كما في مجمع الزوائد، الرقم: 17255)

UHadrat Abdullah bin Mas’ood wathi, “Uma kukhona phakathi kwenu ofisa ukwenza iDua kuAllah, kumele aqale iDua yakhe ngokudumisa nokubonga uAllah ngakonke ukudumisa okufanele ubukhosi bakhe. Ebese ethumela iDurood kumprofethi (sallallahu alaihi wasallam) emvakwalokho enze iDua (ngokulandela lendlela yokwenza iDua) kusondele ukuthi uzophumelela (ngokuthi iphendulwe iDua).”
Uthando Olukhulu Nezinkumbulo ZaHadrat Umar (radiallahu anhu) ZikaRasullullah (sallallahu alaihi wasallam)
Ngobunye ubusuku, uHadrat Umar (radiallahu anhu) egadile ejikeleza wabona ukukhanya futhi ezwa nomsindo uphuma komunye umuzi.
Wafica isalukazi siphotha uboya sicula lamazwi alandelayo :

عَلَى مُحَمَّدٍ صَلَاةُ الْأَبْرَارْ ** صَلَّى عَلَيْكَ الْمُصْطَفَوْنَ الْأَخْيَارْ

Engathi uAllah angayamukela imithandazo yezinceku nezikhulu ezicelela uMuhammed (sallallahu alaihi wasallam) izibusiso.

قَدْ كُنْتَ قَوَّامًا بَكِيَّ الْأَسْحَارْ

O Sithunywa sika Allah, kade ukhonza njalo ebusuku, futhi ukhala uma kuqala usuku olusha.

يَا لَيْتَ شِعْرِي وَالْمَنَايَا أَطْوَارْ ** هَلْ تَجْمَعُنِي وَحَبِيبِي الدَّار

” Ngifisa ukwazi ukuthi ngizokwazi ukuba nesthandwa sami (uMuhammed (sallallahu alaihi wasallam)), ngoba ukufa kufika ngezindlela ezingafani futhi angazi ukuthi ngizofa kanjani.”
Ngokuzwa lamazi, uHadrat Umar (radiallahu anhu) wahlala phansi wakhala ekhumbula uRasullullah (sallallahu alaihi wasallam). (Kitaabuz Zuhd wa Raqaaiq li ibnul Mubaarak #1024)

About admin

Check Also

Intethelelo Yezono Zeminyaka Ewu (80) Futhi Nokubhalelwa Ukukhonza kweminyaka Ewu (80) Ngokusho IDurood Ewu (80) Ngolwesihlanu

عن أبي هريرة رضي الله عنه قال: قال رسول الله صلى الله عليه وسلم: من …